UGenesise 23:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abrahama wasukuma, wakhothamela phambi kwabantu bezwe, phambi kwabantwana bakwaHeti. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abrahama wayesesukuma, wakhothamela abantu balelo zwe, abantwana bakwaHeti, IsiZulu 2020 U-Abhrahama wasukuma, wayesekhothamela amaHithi, abantu balelo lizwe. |
Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.
Kwathi sekuhlwile kweza izingelosi ezimbili eSodoma; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma, uLoti ewabona, wasukuma ukuwahlangabeza; wakhothamisa ubuso bakhe emhlabathini;
Silalele, nkosi yami, wena uyisikhulu esinamandla phakathi kwethu; yembela ofileyo waKho kwabakhethiweyo bamathuna ethu; akakho kithi oyakugodla ithuna lakhe kuwe, kodwa ukuba ummbele ofileyo wakho.
Futhi wakhuluma kubo wathi: “Uma kuyisu lenu ukuthi ngimbele ofileyo wami phambi kobuso bami; ngilalele, ungikhulumele izwi elihle ku-Efroni indodana kaSohari;
UJosefa wayesebakhiphela phakathi kwamadolo akhe, wakhothamela ubuso bakhe emhlabathini.
Umuntu onabangane kumelwe abe nobungane; futhi kukhona umngane onamathela ngaphezu komfowenu.
Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho;
Elokugcina manibe nomqondo munye nonke, nihawukelane, nithandane njengabazalwane, nihawukele, nibe nomusa;