Nkosi yami, ngilalele: izwe lilingana namashekeli angamakhulu amane esiliva; yini phakathi kwami nawe? bese ungcwaba ofileyo wakho.
UGenesise 23:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abrahama wamlalela u-Efroni; U-Abrahama wamlinganisela u-Efron isiliva abeyikhulume ezindlebeni zamadodana kaHeti, amashekele angamakhulu amane esiliva, imali evunywayo kumthengisi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abrahama wamuzwa u-Efroni; u-Abrahama wamlinganisela u-Efroni isiliva abelishilo ezindlebeni zabantwana bakwaHeti, amashekeli angamakhulu amane esiliva, avunywa ngabathengisi. IsiZulu 2020 U-Abhrahama wavumelana no-Efroni, wayesembalela inani ayelibalulile phambi kwamaHithi, ngesisindo salo amashekeli ezinhlamvu zesiliva ezingama-400 ngokwezilinganiso ezazisetshenziswa ngabahwebi baleso sikhathi. |
Nkosi yami, ngilalele: izwe lilingana namashekeli angamakhulu amane esiliva; yini phakathi kwami nawe? bese ungcwaba ofileyo wakho.
Lapho sifika endlini yezihambi, savula izikhwama zethu, bheka, imali yalowo nalowo yayisemlonyeni wesikhwama sakhe, imali yethu ngesisindo sayo; futhi sayibuyisela esandleni sethu.
Futhi wabayala wathi kubo: Kufanele ngibuthelwe kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti;
Amadodana akhe amngenisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wensimu yaseMakaphela, u-Abrahama awuthenga kanye nezwe, kube yindawo yethuna lika-Efroni umHeti phambi kweMamre.
Lapho ephucula ikhanda lakhe, ngokuba wayeligunda ekupheleni konyaka; ngoba izinwele zazimsinda, walinganisa, walinganisa izinwele zekhanda lakhe, amashekeli angamakhulu amabili ngokwesisindo senkosi.
Inkosi yasisithi kuArawuna: Hatshi! kodwa ngiyakusithenga kuwe ngentengo; ngiyakunikela kuJehova uNkulunkulu wami iminikelo yokushiswa engeyize. UDavide wathenga isibuya nezinkabi ngamashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva.
Lokhu bayakukunika: yilowo nalowo owadlula kwababalwayo, inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele; ishekeli lingamagera angamashumi amabili; ingxenye yeshekeli izakuba ngumnikelo weNkosi.
Ngaloba ubufakazi, ngabunamathelisa, ngathatha ofakazi, ngamkala imali esikalini.
Ngasithenga isiqinti kuHanameli indodana kababekazi owayese-Anathoti, ngamlinganisela imali, amashekeli ayishumi nesikhombisa esiliva.
Ishekeli liyakuba ngamagera angamashumi amabili; amashekeli angamashumi amabili, namashekeli angamashumi amabili nanhlanu, namashekeli ayishumi nanhlanu ayakuba yimane kini.
Ngasengisithi kubo: Uba libona kuhle, nginikeni intengo yami; uma kungenjalo, kuyeke. Base belinganisa izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu ngentengo yami.
Ngakho-ke zonke izinto enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.
Bathwalwa basiwa eShekemi, babekwa ethuneni u-Abrahama awalithenga ngenani lemali kumadodana kaHamori waseShekemi.
Ningakweleti muntu, kuphela elokuthandana, ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.
Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto.
ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.