UGenesise 23:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nkosi yami, ngilalele: izwe lilingana namashekeli angamakhulu amane esiliva; yini phakathi kwami nawe? bese ungcwaba ofileyo wakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nkosi yami, ngilalele: izwe elilingene namashekeli* angamakhulu amane esiliva liyini phakathi kwami nawe na? Mmbele ofileyo wakho.” IsiZulu 2020 “Mnumzane, ngilalele, lesi siqinti somhlaba singabiza amashekeli esiliva angama-400, bekuyini khona lokho phakathi kwami nawe na? Ngcwaba umkakho kuso.” |
Wathenga isiqephu sezwe lapho agxumeka khona itende lakhe esandleni sabantwana bakwaHemori uyise kaShekemi ngezinhlamvu eziyikhulu zemali.
Lokhu bayakukunika: yilowo nalowo owadlula kwababalwayo, inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele; ishekeli lingamagera angamashumi amabili; ingxenye yeshekeli izakuba ngumnikelo weNkosi.
Ocebileyo angeze akhipha okungaphezu kwalokho, nompofu anganikezi okungaphansi kwengxenye yeshekeli, uma benikela ngomnikelo kuJehova ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana.
Ishekeli liyakuba ngamagera angamashumi amabili; amashekeli angamashumi amabili, namashekeli angamashumi amabili nanhlanu, namashekeli ayishumi nanhlanu ayakuba yimane kini.