U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu; uNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki, nomkakhe, nezincekukazi zakhe; futhi bazala abantwana.
UGenesise 20:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kuSara: “Bheka, ngimnikile umnewenu amashekeli ayinkulungwane esiliva; bheka, uyisigubuzelo samehlo kuwe, kubo bonke abanawe nakubo bonke abanye; ngakho wakhuzwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi kuSara: “Bheka, ngimnikile umnewenu amashekeli* ayinkulungwane esiliva; bheka, lokhu kuyisisibekelo secala phambi kwamehlo abo bonke abanawe; kukho konke usulungisiwe.” IsiZulu 2020 Esebhekise kuSara wathi: “Bheka, umfowenu ngimnike izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane, eziyinhlawulo engishweleza ngazo ngesiphosiso asenze phambi kwabo bonke ohamba nabo, wena awunacala.” |
U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu; uNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki, nomkakhe, nezincekukazi zakhe; futhi bazala abantwana.
Akashongo yini kimi ukuthi: “Ungudadewethu na?” yena wathi: “Ungumfowethu; ngobuqotho benhliziyo yami nangobumsulwa bezandla zami ngikwenzile lokhu.
Wathi encekwini: “Ngubani le ndoda ehamba kithi endle na?” Yasisithi inceku: Le yinkosi yami; ngalokho wathatha iveli wazimboza.
U-Abimeleki wayeseyala bonke abantu bakhe, wathi: “Yilowo nalowo othinta le ndoda noma umkakhe uyakubulawa nokubulawa.
Njengecici legolide nomhlobiso wegolide elicwengekileyo, kunjalo ukusola okuhlakaniphileyo endlebeni elalelayo.
Induna yasondela kuye, yathi kuye: “Uthini wena olele ubuthongo na?” sukuma, ubize uNkulunkulu wakho, uma uNkulunkulu esikhumbula, ukuze singalahleki.