U-Abrahama wawa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? noSara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?
UGenesise 18:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abrahama noSara base bebadala, sebekhulile; kwase kunqamuka ukuba kuSara njengabesifazane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha o-Abrahama noSara base begugile, beneminyaka eminingi; kwase kuphelile kuSara okwabesifazane. IsiZulu 2020 U-Abhrahama noSara base bebadala, iminyaka yabo isihambile kakhulu, uSara engasakwazi ukuthola abantwana. |
U-Abrahama wawa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? noSara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?
U-Abrahama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe.
Wathi: “Ngubani obengamtshela u-Abhrahama ukuthi uSara kumele amunyise abantwana?” ngoba ngamzalela indodana ebudaleni bakhe.
U-Abhrahama wayesemdala ecindezelwe yibudala; uJehova wambusisa u-Abhrahama kukho konke.
USara umkankosi yami wayizalela inkosi yami indodana esemdala, wayinika yona konke enakho.
Wathi kuyise: “Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi ngingenakusukuma phambi kwakho; ngoba umkhuba wabesifazane uphezu kwami. Wacinga, kepha akazitholanga izithombe.
Uma owesifazane ecucuza, futhi ukucucuza kwakhe kuyigazi enyameni yakhe, kumelwe abe ngokwehlukana kwakhe izinsuku eziyisikhombisa; bonke abamthintayo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
UZakariya wathi engelosini: “Ngiyakwazi ngani lokhu na? ngokuba mina sengimdala, nomkami usekhulile.
Babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba, futhi base bekhulile bobabili.
Ethi uNkulunkulu unamandla okumvusa nakwabafileyo; lapho laye wamamukela khona ngomfanekiso.
UJoshuwa wayesemdala, ehlushwe iminyaka; uJehova wathi kuye: “Usumdala, uneminyaka eminingi, kusekhona izwe eliningi ongalidla.