UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “USarayi umkakho, ungambizi ngokuthi uSarayi, kepha igama lakhe liyakuba nguSara.”
UGenesise 17:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Igama lakho alisayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho liyakuba ngu-Abrahama; ngoba ngikwenze uyise wezizwe ezinengi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Igama lakho alisayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho lizakuba ngu-Abrahama, ngokuba ngikwenzile uyise wezizwe eziningi. IsiZulu 2020 Igama lakho alisayukuba ngu-Abhrama, kepha selizokuba ngu-Abhrahama, ngokuba ngikwenze uyise wezizwe eziningi. |
UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “USarayi umkakho, ungambizi ngokuthi uSarayi, kepha igama lakhe liyakuba nguSara.”
UJakobe wambuza wathi: “Ngitshele igama lakho.” Wathi: “Ubuzelani igama lami na? Wambusisa lapho.
UNkulunkulu wasesithi kuye: Ibizo lakho nguJakobe; igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha igama lakho liyakuba ngu-Israyeli; waqamba igama layo ngokuthi u-Israyeli.
Wathuma ngesandla somprofethi uNathani; waqamba igama layo ngokuthi uJedidiya ngenxa kaJehova.
Wena unguJehova uNkulunkulu owakhetha u-Abrama, wamkhipha e-Uri lamaKaledi, wametha igama lokuthi u-Abrahama;
Kumelwe nishiye igama lenu njengesiqalekiso kwabakhethiweyo bami, ngoba iNkosi uJehova iyonibulala futhi ibize izinceku zayo ngelinye igama.
Ngosuku olulandelayo uPhashuri wamletha uJeremiya esitolo. UJeremiya wayesethi kuye: “UJehova akakubizanga ngokuthi uPhashuri, kepha wathi ngoMagormissabibi.
Ezinsukwini zayo uJuda uyohlengwa no-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama lakhe ayobizwa ngalo: INKOSI UBULUNGISA BETHU.
Lawa angamagama amadoda uMose awathuma ukuba ahlole izwe. UMose wabiza uHoseya, indodana kaNuni, ngokuthi uJoshuwa.
(Njengokulotshiweyo ukuthi: Ngikumisile ube nguyise wezizwe ezinengi), phambi kwalowo akholwayo, uNkulunkulu, ophilisa abafileyo, njalo obiza izinto ezingekho njengokungathi zikhona.
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.