U-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha mhla uHagari emzalela u-Abrama u-Ishmayeli.
UGenesise 16:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 USarayi umka-Abrama wathatha uHagari incekukazi yakhe umGibhithe, emva kokuba u-Abrama esehlale iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani, wamnika u-Abrama indoda yakhe ukuba abe ngumkakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe, incekukazi yakhe, wamnika u-Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe, u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani. IsiZulu 2020 Kuthe lapho u-Abhrama esehlale iminyaka elishumi eKhanani, uSarayi umkakhe wathatha incekukazi yakhe uHagari, umGibhithe, wayinika umyeni wakhe ukuba ibe ngumkakhe. |
U-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha mhla uHagari emzalela u-Abrama u-Ishmayeli.
Wangena kuHagari, wakhulelwa; lapho ebona ukuthi ukhulelwe, inkosikazi yakhe yadeleleka emehlweni akhe.
USarayi wasesithi kuAbrama: Ububi bami buphezu kwakho; nginikele incekukazi yami esifubeni sakho; lapho ebona ukuthi ukhulelwe, ngadeleleka emehlweni akhe; uJehova makahlulele phakathi kwami nawe.
Kepha amadodana ezancinza u-Abrahama ayenazo, u-Abrahama wanika izipho, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga, ezweni lasempumalanga.
U-Esawu waya ku-Ishmayeli wathatha uMahalati indodakazi ka-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, udadewabo kaNebayoti, abe ngumkakhe, abe ngumkakhe.
ULeya esebonile ukuthi usebelethile, wathatha uZilipa incekukazi yakhe, wamnika uJakobe abe ngumkakhe.
Wavuka ngalobo busuku, wathatha abafazi bakhe ababili nezincekukazi zakhe ezimbili namadodana akhe ayishumi nanye, wadabula isigodi saseJabhoki.
U-Israyeli esehlezi kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wezwa. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili;
UDavide wathatha ezinye izancinza nabesifazane eJerusalema ngemva kokufika kwakhe evela eHebroni, uDavide wazalelwa amadodana namadodakazi amaningi.
Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa, amakhosazana, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe.
Ngokuba u-Agari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, imelela iJerusalema elikhona manje, lisebugqileni kanye nabantwana bayo.