Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, ukuze kuthi noma ekhona ongabala uthuli lomhlaba, ibalwe nenzalo yakho.
UGenesise 16:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ingilosi yeNkosi yasisithi kuye: Ngizakwandisa kakhulu inzalo yakho, ukuze ingabalwa ngobunengi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingelosi kaJehova yathi futhi kuye: “Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ingabe isabalwa ngobuningi bayo.” IsiZulu 2020 Yaqhubeka yathi: “Ngiyozandisa izizukulwane zakho zibe ziningi kangangokuthi azinakubalwa.” |
Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, ukuze kuthi noma ekhona ongabala uthuli lomhlaba, ibalwe nenzalo yakho.
Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Buyela enkosikazini yakho, uzithobe esandleni sayo.
Ngokuqondene no-Ishmayeli ngikuzwile: Bheka, ngimbusisile futhi ngizomenza azale futhi ngimandise kakhulukazi; uyakuzala izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu.
Wasehamba wahlala phansi maqondana laye, khatshana nje, njengokudubula komnsalo; ngoba wathi mangingaboni ukufa komntwana. Wahlala maqondana naye, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.
Vuka, uphakamise umfana, umbambe ngesandla sakho; ngoba ngizamenza isizwe esikhulu.
Kukho konke ukuhlupheka kwabo wacindezelwa, ingilosi yobuso bakhe yabakhulula; othandweni lwakhe nangobubele bakhe wabahlenga; wazithwala, wazithwala zonke izinsuku zasendulo.
Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.
Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
Onguye yedwa onokungabhubhi, ehlezi ekukhanyeni okungenakusondela kukho; okungekho muntu owake wambona, nongakwazi ukumbona: makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.
Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwesihlahla somtholo esasise-Ofira, esingesikaJowashi umAbiyeze; uGideyoni indodana yakhe wayebhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuze amfihle kumaMidiyani.
UJehova wasesithi kuye: Isibili ngizakuba lawe, njalo uzatshaya amaMidiyani njengomuntu munye.