U-Abrama wamisa itende lakhe, wafika wahlala e-okini kaMamre eHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.
UGenesise 12:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wasuka lapho wenyukela entabeni esempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi ngasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wabiza igama likaJehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova. IsiZulu 2020 Wasuka lapho waya kwelezintaba empumalanga yeBhethele, wagxumeka ithende lakhe lapho. IBhethele yayingasentshonalanga, i-Ayi ingasempumalanga. Kulapho-ke akhela khona uSimakade i-althare, wakhuleka egameni likaSimakade. |
U-Abrama wamisa itende lakhe, wafika wahlala e-okini kaMamre eHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.
Wasuka eningizimu waze wafika eBethele, endaweni lapho itende lakhe lalikhona ekuqaleni, phakathi kweBethele ne-Ayi;
endaweni ye-altare alenza khona kuqala; u-Abrama wakhuleka lapho eGameni leNkosi.
U-Abhrahama wahlanyela umthi eBherisheba, wakhuleka khona ibizo leN kosi uNkulunkulu waphakade.
Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wabopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni.
Wakha khona i-altare, wabiza igama likaJehova, wamisa itende lakhe khona; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona.
Waqamba leyo ndawo ngokuthi iBethele, kepha igama lalowo muzi laqala ngokuthi iLus.
ULabani wamfica uJakobe. UJakobe wamisa itende lakhe entabeni, uLabani nabafowabo bamisa entabeni yaseGileyadi.
Masisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare owangiphendula osukwini lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engahamba ngayo.
Wakha khona i-altare, wayiqamba indawo ngokuthi i-Elibeti-Eli, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye lapho ebalekela umfowabo.
Naye uSeti wazalelwa indodana; waqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe; abantu base beqala ukubiza iGama leNkosi.
UNowa wamakhela uJehova i-altare; wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela ngeminikelo yokushiswa e-altare.
Futhi abantwana bakwaBenjamini eGeba bahlala eMigimashi, nase-Aya, naseBethele nasemizini yayo.
Bonke ababiza igama likaJehova bayakusindiswa; ngoba eNtabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyoba khona insindiso, njengoba nje uJehova ekhulumile, nakwabaseleyo bayobizwa uJehova.
kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababizelwe ukuba ngabangcwele, kanye nabo bonke ezindaweni zonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, eyabo neyethu;
Ngokholo wagogobala elizweni lesithembiso njengowezizwe, ehlala emathenteni kanye loIsaka loJakobe, ababeyizindlalifa kanye laye zalesosithembiso;
Sebefike emikhawulweni yaseJordani esezweni laseKhanani, abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i-altare ngaseJordani, i-altare elikhulu ukuba libukeke.
UJoshuwa wayesethuma amadoda asuka eJeriko aya e-Ayi eseduze neBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Akhuphuka amadoda, abheka i-Ayi.
Wathatha amadoda kungathi izinkulungwane eziyisihlanu, wawaqamekela phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga komuzi.
Akwasala muntu e-Ayi naseBethele ongaphumanga ukulandela u-Israyeli; bawushiya umuzi uvulekile, baxosha u-Israyeli.
UJoshuwa nabo bonke abantu bempi bazilungiselela ukukhuphukela e-Ayi; uJoshuwa wakhetha amadoda anamandla ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu, wawamukisa ebusuku.
UJoshuwa wamakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli i-altare entabeni yase-Ebali,
UJoshuwa wabathuma, baqamekela, bahlala phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga kwase-Ayi; kepha uJoshuwa walala phakathi kwabantu ngalobo busuku.
UGideyoni wamakhela khona uJehova i-altare, walibiza ngokuthi: UJehova, ukuthula; kuze kube namuhla iseOfira lama-Abiyezeri.
nakulabo ababeseBethele, nakulabo ababeseningizimu yeRamoti, nakulabo ababeseJatiri,