Kwathi u-Abrama efika eGibithe, abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu;
UGenesise 12:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izikhulu zikaFaro nazo zambona zamdumisa phambi kukaFaro, owesifazane wangeniswa endlini kaFaro. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izinduna zikaFaro zambona, zambabaza phambi kukaFaro; owesifazane wangeniswa endlini kaFaro. IsiZulu 2020 Izikhulu zikaFaro nazo zambona zamncoma kuFaro, wayeselethwa esigodlweni sakhe. |
Kwathi u-Abrama efika eGibithe, abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu;
U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu; u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathumela wamthatha uSara.
Amadoda aleyondawo ambuza ngomkakhe; wathi: “Ungudadewethu, ngokuba wayesaba ukuthi: ‘Ungumkami;’ wathi, ukuze bangangibulali abantu baleyondawo ngenxa kaRebeka; ngoba wayemuhle ukubukwa.
UFaro wazithukuthelela izinceku zakhe ezimbili, induna yabaphathizitsha nenduna yababhaki.
Kwathi ekupheleni kweminyaka emibili egcweleyo uFaro waphupha, khangela-ke, emi emfuleni;
USolomoni wazihlanganisa noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha eyakhe indlu, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke.
Bheka-ke, wethemba udondolo lwalo mhlanga owaphukileyo waseGibithe, okuthi, uma umuntu encika kulo, luzakungena esandleni sakhe, lusihlabe; unjalo uFaro, inkosi yaseGibithe, nabo bonke abamethembayo.
UFaro esekuzwile lokho wazama ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, waya wahlala ezweni lakwaMidiyani, wahlala phansi ngasemthonjeni.
Indodakazi kaFaro yehla ukuyogeza emfuleni; bheka, intombazane yayihamba eceleni komfula; lapho ebona umkhumbi phakathi kwezinhlaka, wathumela incekukazi yakhe ukuba iwulande.
uFaro, inkosi yaseGibithe, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nabantu bakhe bonke;
Basebememeza khona bathi: UFaro, inkosi yeGibhithe, ungumsindo nje; wadlula isikhathi esimisiwe.
Ndodana yomuntu, yenza isililo ngoFaro, inkosi yaseGibithe, uthi kuye: ‘Wena unjengebhongo lengonyama lezizwe, unjengomkhomo olwandle; waphuma nemifula yakho namanzi ngezinyawo zakho, wangcolisa imifula yawo.
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.