O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka, noyise kaIska.
UGenesise 12:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wothi, ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho; futhi umphefumulo wami uyakuphila ngawe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mawuthi ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho, umphefumulo wami uphile ngenxa yakho.” IsiZulu 2020 Ubowatshela ukuthi ungudadewethu, khona ezongiphatha kahle ukuze ngisinde ngenxa yakho.” |
O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka, noyise kaIska.
Kwathi u-Abrama efika eGibithe, abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu;
U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu; u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathumela wamthatha uSara.
Akashongo yini kimi ukuthi: “Ungudadewethu na?” yena wathi: “Ungumfowethu; ngobuqotho benhliziyo yami nangobumsulwa bezandla zami ngikwenzile lokhu.
Amadoda aleyondawo ambuza ngomkakhe; wathi: “Ungudadewethu, ngokuba wayesaba ukuthi: ‘Ungumkami;’ wathi, ukuze bangangibulali abantu baleyondawo ngenxa kaRebeka; ngoba wayemuhle ukubukwa.
Wesaba, noma wesaba bani, uze uqambe amanga, ungacabangi ngami, ungakubekeli enhliziyweni na? angizange ngithule kusukela kudala, wena awungesabi na?
UJeremiya wayesethi kuZedekiya: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Uma uphumela nokuphumela ezikhulwini zenkosi yaseBabele, umphefumulo wakho uyakuphila, nalo muzi awuyikushiswa ngomlilo; futhi uzophila kanye nendlu yakho.
Kodwa uJeremiya wathi: Kabayikukusindisa. Lalelani izwi likaJehova engilikhuluma kini; khona kuyakuba kuhle kuwe, uphile umphefumulo wakho.
Bhekani, yonke imiphefumulo ingeyami; njengomphefumulo kayise, unjalo umphefumulo wendodana yami; umphefumulo owonayo kumelwe ufe.
Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.
Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
Ngenxa yalezozinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli;