Naye uShemi, uyise wabo bonke abantwana bakwaHebhere, umfowabo kaJafete, izibulo, wazalelwa abantwana.
UGenesise 10:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 UHebhere wazalelwa amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege; ngokuba emihleni yakhe umhlaba wahlukaniswa; igama lomfowabo lalinguJoketan. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Ebere wazala amadodana amabili; igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane. IsiZulu 2020 U-Ebhere wazala amadodana amabili. Enye yawo kwakuthiwa nguPhelegi, ngoba ngesikhathi sakhe izwe ladatshulwa izifunda. Enye kwakuthiwa uJokithani. |
Naye uShemi, uyise wabo bonke abantwana bakwaHebhere, umfowabo kaJafete, izibulo, wazalelwa abantwana.
Lezi ziyizizukulwane zamadodana kaNowa ngezizukulwane zawo ezizweni zawo; ngalokho izizwe zahlukaniswa emhlabeni emva kukazamcolo.
Ngalokhu iziqhingi zabeZizwe zahlukaniselwa amazwe abo; yilowo nalowo ngokolimi lwakhe, ngemindeni yabo, ngokwezizwe zabo.
UHebhere wazalelwa amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege; ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa, igama lomfowabo lalinguJokitani.
Wazenza izizwe zonke ngegazi linye ukuba zihlale ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezimisiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo;
Lapho oPhezukonke ehlukanisela izizwe ifa labo, lapho ehlukanisa abantwana bakwa-Adamu omunye nomunye, wamisa imingcele yabantu ngokwesibalo sabantwana bakwa-Israyeli.