nama-Arvadi namaZemari namaHamati, emva kwalokho kwakhula imindeni yamaKhanani.
UGenesise 10:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umkhawulo wamaKhanani wasuka eSidoni, wasinga eGerari, waya eGaza; ekuhambeni kwakho, eSodoma, naseGomora, nase-Adima, naseSeboyimi, naseLasha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni, waya ngaseGerari waze wafika eGaza; waya ngaseSodoma naseGomora nase-Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha. IsiZulu 2020 imingcele yayo yayisuka eSidoni ibheke eGera kuze kube seGaza, iye eSodoma, eGomora, e-Adima, naseZebhoyimu, ize ifinyelele eLasha. |
nama-Arvadi namaZemari namaHamati, emva kwalokho kwakhula imindeni yamaKhanani.
Lawa angamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo.
balwa noBera inkosi yaseSodoma, noBirsha inkosi yaseGomora, noSinabi, inkosi yase-Adima, noSemeberi, inkosi yaseSeboyimi, nenkosi yaseBela eyiZowari.
INkosi yasisithi: Ngoba isililo seSodoma leGomora sikhulu, langoba isono sabo sinzima kakhulu;
U-Abrahama wasuka lapho waya ezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neSuri, wagogobala eGerari.
Kwaba khona indlala ezweni, kuphela indlala yokuqala eyayikhona emihleni ka-Abrahama. U-Isaka waya ku-Abimeleki, inkosi yamaFilisti, eGerari.
UJehova wawahlula amaKushe phambi kuka-Asa naphambi kukaJuda; amaKushe abaleka.
U-Asa namadoda ayenaye babaxosha kwaze kwaba seGerari; ngoba bachithwa phambi kukaJehova laphambi kwebutho lakhe; bamuka nempango eningi.
Welulela isandla sakhe phezu kolwandle, wazamazamisa imibuso; uJehova wayala umuzi wabathengisi ukuba uchithe izinqaba zawo.
Yiba namahloni, Sidoni, ngokuba ulwandle lukhulumile, inqaba yolwandle, lwathi: “Angizali, angizaleli, futhi angikhulisi izinsizwa, futhi angikhulisanga ntombi.
nazo zonke izizwe eziyingxubevange, nawo onke amakhosi ezwe lase-Uzi, nawo onke amakhosi ezwe lamaFilisti, ne-Ashikeloni, ne-Asa, ne-Ekroni, nensali yase-Ashidodi;
Izwi likaJehova elafika kumprofethi uJeremiya ngokumelene namaFilisti, uFaro engakashayi iGaza.
Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho bumelene neSidoni, uprofethe ngokumelene nalo,
Ngingakulahla kanjani, Efrayimi? ngingakusindisa kanjani, Israyeli? ngingakufanisa kanjani ne-Adma? ngingakumisa kanjani njengeSeboyimi na? inhliziyo yami yaphenduka phakathi kwami, ukuzisola kwami kwavutha kanyekanye.
Ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehla eGaza, eyihlane.
Ama-Avi ayehlala eHazerimi kwaze kwaba se-Asa, amaKafitori aphuma eKafitori, awachitha, ahlala endaweni yawo.)
Lapho oPhezukonke ehlukanisela izizwe ifa labo, lapho ehlukanisa abantwana bakwa-Adamu omunye nomunye, wamisa imingcele yabantu ngokwesibalo sabantwana bakwa-Israyeli.
Bamisa phezu kwabo, bachitha izithelo zomhlaba kwaze kwafika eGaza, abashiyanga u-Israyeli ukudla, nazimvu, nankomo, nazimbongolo.
Esinye isixuku saphambukela endleleni yaseBeti Horoni, esinye isixuku saphambukela endleleni yasemngceleni obheke esigodini saseSeboyimi ehlane.