Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 1:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

Umhlaba waveza utshani, nezitshalo ezithela imbewu ngezinhlobo zazo, nemithi ethela izithelo, ekuyo imbewu yayo ngezinhlobo zayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Umhlaba wawusuveza utshani nemifino ethela imbewu ngezinhlobo zayo, nemithi ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kwamila utshani emhlabeni: izitshalo ezithela imbewu, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 1:12
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze utshani, izitshalo ezithela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, emhlabeni.” kwaba njalo.


Kwaba ngukuhlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithathu.


Uhlumisela izinkomo utshani, nezitshalo zokusebenzela umuntu, ukuze kuphume ukudla emhlabeni;


Ngokuba njengalokhu umhlaba uthela imbewu yawo, nanjengensimu ehlwanyelwe kuwo iwuhlumisa; kanjalo iNkosi uJehova iyakwenza ukuba kuhlume ubulungisa nodumo phambi kwezizwe zonke.


Ngokuba umhlabathi uthela isithelo ngokwawo; kuqala ikhaba, kulandele isikhwebu, bese kuba amabele agcwele esikhwebu;


Ngokuba yilowo nalowomuthi waziwa ngesithelo sawo. Ngokuba abantu abawakhi amakhiwane emeveni, nababutha izithelo zomvini esihlahleni esihlahleni.


Kepha opha imbewu kumhlanyeli okhonza isinkwa sokudla kwenu, andise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu;


Ningakhohliswa; UNkulunkulu akahlekwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu uyakuvuna kona futhi.


Ngoba umhlabathi onatha izulu elifika kanengi phezu kwawo, uveze imifino ebasizayo abalinywa yibo, uyabusiswa nguNkulunkulu;