Wathi kuye: NginguJehova owakukhipha e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe ukuba ulidle.
UEksodusi 6:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wakhuluma kuMose, wathi kuye: NgiyiNkosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wakhuluma kuMose, wathi kuye: “NginguJehova; IsiZulu 2020 UNkulunkulu wakhuluma noMose, wathi kuye: “NginguSimakade. |
Wathi kuye: NginguJehova owakukhipha e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe ukuba ulidle.
Ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobu busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezilwane; ngiyakwahlulela bonke onkulunkulu baseGibithe; nginguJehova.
AbaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova, uma ngimdumise uFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.
Ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lasuka ehlane laseSini ngamabanga alo njengesiyalezo sikaJehova, lamisa eRafidimi; kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.
NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.
UNkulunkulu wathi kuMose: NGINGENAKHO ENGIKHONA; wathi: Uzakutsho njalo kubantwana bakoIsrayeli ukuthi: UNGUYE ungithumile kini.
Futhi uNkulunkulu wathi kuMose: “Uzakusho kanje kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini: igama lami. Kuze kube phakade, lesi yisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “NginguJehova; ukhulume kuFaro, inkosi yaseGibithe, konke engikukhuluma kuwe.
Ngakho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: NgiyiNkosi, futhi ngiyakunikhipha ngaphansi kwemithwalo yabaseGibhithe, futhi ngiyonikhulula ebugqilini babo, futhi ngiyonikhulula ngengalo eyeluliweyo nangamandla amakhulu. Izinqumo:
Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa; nginguJehova.
NginguJehova, yilo igama lami; angiyikunika omunye udumo lwami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.
Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti; Mina ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina; futhi akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami.
Kepha ozibongayo makazibonge ngakho, ukuze angiqonde, azi Mina, ukuthi nginguJehova owenza umusa, nokwahlulela, nokulunga emhlabeni; ngokuba lokhu ngiyathokoza,” usho uJehova.
Uzakuthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ngosuku engakhetha ngalo u-Israyeli, ngaphakamisela isandla sami enzalweni yendlu kaJakobe, ngazibonakalisa kubo ezweni laseGibithe, ngiphakamisela kubo isandla sami, ngathi: “NginguJehova uNkulunkulu wenu;