Ngobukhulu bobukhosi bakho wabachitha abakuvukelayo; Wathuma ulaka lwakho, lwabaqeda njengezinhlanga.
UEksodusi 5:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke abantu bahlakazeka ezweni lonke laseGibhithe ukuze babuthe izinhlanga esikhundleni sotshani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base behlakazeka abantu ezweni lonke laseGibithe ukuyobutha izinhlanga zibe yibona tshani babo. IsiZulu 2020 Ngakho-ke abantu bahlakazeka kulo lonke iGibhithe ukuyoqoqa izinhlanga esikhundleni sotshani. |
Ngobukhulu bobukhosi bakho wabachitha abakuvukelayo; Wathuma ulaka lwakho, lwabaqeda njengezinhlanga.
Hamba ulande utshani bakho lapho ongabuthola khona; kodwa awukho umsebenzi wakho oyoncishiswa.
Izikhulu zashesha zathi: “Qedelani imisebenzi yenu yezinsuku zonke njengalapho kunotshani.”
Bheka, bayakuba njengamabibi; umlilo uyakubashisa; ngeke bazisindise emandleni elangabi;
Ngakho-ke, njengomlilo uqeda izinhlanga, nelangabi lidla amakhoba, kanjalo impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo ikhuphuke njengothuli, ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balilahla izwi lamabandla. ONgcwele ka-Israyeli.
Njengomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba bayogxuma, njengomsindo welangabi lomlilo liqothula izinhlanga, njengabantu abanamandla abami ngokulandelana kwempi.
Indlu kaJakobe iyakuba ngumlilo, nendlu kaJosefa ibe yilangabi, indlu ka-Esawu ibe ngamabibi, bawuthungele bayiqede; futhi akuyikusala lutho lwendlu ka-Esawu; ngoba uJehova ukukhulumile.
Ngoba lapho bebotshwe ndawonye njengameva, futhi lapho bedakwe njengezidakwa, bayoqedwa njengamabibi ome ngokuphelele.
Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nezinhlanga;