Nizilungiselele ngosuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehla phambi kwamehlo abo bonke abantu entabeni yaseSinayi.
UEksodusi 34:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ulungele ekuseni, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume lapho phambi kwami esiqongweni sentaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mawube usulungele kusasa, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume khona phambi kwami esiqongweni sentaba. IsiZulu 2020 Zilungiselele ukuba ekuseni kusasa ukhuphukele entabeni iSinayi, uzibonakalise khona phambi kwami esiqongweni sentaba. |
Nizilungiselele ngosuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehla phambi kwamehlo abo bonke abantu entabeni yaseSinayi.
Intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo esemlilweni; umusi walo wenyuka njengomusi wesithando, nentaba yonke yazamazama kakhulu.
UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba, uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka.
UJehova wathi kuye: “Hamba, wehle, ukhuphuke, wena no-Aroni kanye nawe; kepha abapristi nabantu mabangafohli benyukele kuJehova, funa abadumele.
UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, ube khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalo engiyibhalile; ukuthi ungabafundisa.
Ngase ngiwa phansi phambi kukaJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, lapho ngawa phansi ekuqaleni; ngokuba uJehova ushilo ukuthi uyakunibhubhisa.