Uma inkosi yaso isinika umfazi, walizalela amadodana noma amadodakazi; umfazi nabantwana bakhe bayakuba nenkosi yakhe, yona iphume iyodwa.
UEksodusi 21:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uma inceku isho nokusho ukuthi: ‘Ngithanda inkosi yami, nomkami, nabantwana bami; Ngeke ngiphume ngikhululekile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Uma isigqila siyakusho nokusho ukuthi: ‘Ngiyathanda inkosi yami, nomkami, nabantwana bami, angiyikuphuma ngikhululekile,’ IsiZulu 2020 Kepha uma isigqila sisho ngokucacile sithi: ‘Ngiyamthanda umnumzane wami, nomkami nabantwana bami, ngakho-ke anginakuhamba njengokhululekileyo,’ |
Uma inkosi yaso isinika umfazi, walizalela amadodana noma amadodakazi; umfazi nabantwana bakhe bayakuba nenkosi yakhe, yona iphume iyodwa.
Inkosi yaso iyakusiletha kubahluleli; amlethe ngasemnyango noma ensikeni yomnyango; inkosi yaso iyakuyibhoboza indlebe yaso ngosungulo; futhi uyomkhonza kuze kube phakade.
Jehova Nkulunkulu wethu, amanye amakhosi ngaphandle kwakho asibusile; kodwa ngawe wedwa sizabiza ibizo lakho.