Nawe wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma kubo usezulwini, wabanika izimiso eziyiqiniso, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;
UEksodusi 20:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wakhuluma onke lawa mazwi, wathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wakhuluma onke lawa mazwi, wathi: IsiZulu 2020 UNkulunkulu wakhuluma wonke lawa mazwi, wathi: |
Nawe wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma kubo usezulwini, wabanika izimiso eziyiqiniso, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;
NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.
Lona nguye owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma kuye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, owamukela amazwi aphilayo ukuze asinike wona;
Waloba ezibhebheni njengombhalo wokuqala imiyalo eyishumi uJehova ayikhuluma kini ngosuku lokuhlangana entabeni phakathi komlilo; iNkosi yanginika yona.
Bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma liphakathi komlilo, njengalokho nina nizwile, baphile, na?
Wenza ukuba uzwe izwi lakhe esezulwini ukuba anifundise; nasemhlabeni wanikhombisa umlilo wakhe omkhulu; nawezwa amazwi akhe ephakathi komlilo.
Lawa mazwi uJehova wawakhuluma ngezwi elikhulu ebandleni lenu lonke entabeni, phakathi komlilo, nefu, nasebumnyameni; futhi Akanezelanga lutho. Waliloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika lona.
NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.