Kwathi ngalona lolo suku uJehova ekhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.
UEksodusi 16:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Basuka e-Elimi, inhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli yafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma kwabo ezweni laseGibithe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Basuka e-Elimi; ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe. IsiZulu 2020 Lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli lasuka e-Elimu laze layofika ehlane iSini phakathi kwe-Elimu neSinayi, ngosuku lwe-15, ngenyanga yesibili bephumile eGibhithe. |
Kwathi ngalona lolo suku uJehova ekhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.
Lizawugcina kuze kube lusuku lwetshumi lane lwaleyo nyanga, njalo ibandla lonke lenhlangano yakoIsrayeli lizalihlaba kusihlwa.
Bafika e-Elimi, lapho kwakukhona imithombo eyishumi nambili nemithi yesundu engamashumi ayisithupha; bamisa khona ngasemanzini.
Ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lasuka ehlane laseSini ngamabanga alo njengesiyalezo sikaJehova, lamisa eRafidimi; kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.
Ngenyanga yesithathu ekuphumeni kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi.