Laba sebeyizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esinamandla.
UEksodusi 13:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kuyakuba luphawu esandleni sakho nanjengebhande phakathi kwamehlo akho; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuba luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe.” IsiZulu 2020 Lokhu kuyakuba wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuthi uSimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe.” |
Laba sebeyizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esinamandla.
Igazi liyakuba yisibonakaliso kini ezindlini enikhona; futhi lapho ngibona igazi, ngizodlula phezu kwenu, futhi isifo ngeke sibe phezu kwenu ukuze sinibhubhise lapho ngishaya izwe laseGibhithe.
Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane lamatshumi amathathu, ngalona lolosuku, wonke amabutho eNkosi aphuma elizweni leGibhithe.
Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza kamuva ithi: ‘Kuyini lokhu? uthi kuye: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, endlini yobugqila.
Kuyakuba kuwe luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.
INkosi yasisithi kuMozisi: Khathesi usuzabona engizakwenza kuFaro, ngoba ngesandla esilamandla uzabahambisa, futhi ngesandla esilamandla uzabaxotsha elizweni lakhe.
Ngakho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: NgiyiNkosi, futhi ngiyakunikhipha ngaphansi kwemithwalo yabaseGibhithe, futhi ngiyonikhulula ebugqilini babo, futhi ngiyonikhulula ngengalo eyeluliweyo nangamandla amakhulu. Izinqumo:
Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, owakhipha abantu bakho ezweni laseGibhithe ngesandla esinamandla futhi wazenzela igama njenganamuhla; sonile, senzile okubi.
Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo;
UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wakhetha okhokho bethu, wabaphakamisa abantu lapho bengabafokazi ezweni laseGibhithe, futhi ngengalo ephakemeyo wabakhipha kulo.
Ngakho-ke kumelwe nisuse la mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu niwabophe njengophawu esandleni senu, ukuze abe njengezibopho phakathi kwamehlo enu.
UJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo nangokwesabeka okukhulu nangezibonakaliso nezimangaliso.
Khumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha kulo ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.
Khona-ke kumelwe uthi endodaneni yakho: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibhithe; uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.
Bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu bezizwe ezazibazungeza, bakhothamela, bamcunula uJehova intukuthelo.