Ngalolo suku uJehova wenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Inzalo yakho ngiyinike leli zwe, kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.
UEksodusi 13:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kuzakuthi-ke lapho uJehova ezalingenisa elizweni lamaKhanani, njengokuthembisa kwakhe kini laboyihlo ngesifungo, alinike lona, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kuyakuthi lapho uJehova esezakukungenisa ezweni lamaKhanani, njengalokho wafunga kuwe nakoyihlo, akuphe lona, IsiZulu 2020 “Lapho uSimakade esekungenisile ezweni lamaKhanani, wakunika lona, njengoba ayefungile kuwe nakoyihlomkhulu, |
Ngalolo suku uJehova wenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Inzalo yakho ngiyinike leli zwe, kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.
Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ogogobele kulo, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade; njalo ngizakuba nguNkulunkulu wabo.
Bheka, nginawe, ngiyakukugcina ezindaweni zonke oya kuzo, ngikubuyisele kuleli zwe; ngoba kangiyikukutshiya ngize ngenze lokho engikukhulume kuwe.
Kuyakuthi lapho uJehova eseningenise ezweni lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaHivi, namaJebusi, eyathembisa oyihlo ngesifungo ukuninika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi, nigcine leli zwe. Isevisi kule nyanga.
Cabanga ngezinceku zakho o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, owazifunga kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngininike lonke leli zwe engakhuluma ngalo inzalo. Bayakulidla ifa kuze kube phakade.
Ngabe ngibamukele bonke laba bantu? Ngabe ngabazala, ukuze uthi kimi: Bathwale esifubeni sakho, njengomondli ethwala umntwana, ubayise ezweni owalithembisa oyise ngesifungo na?