Uma indlu iyingcosana kunewundlu, makayithabathe yena nomakhelwane wakhe oseduze nendlu yakhe ngokwesibalo sabantu; kube yilowo nalowo njengokudla kwakhe iwundlu.
uma abomuzi bengalaneli iwundlu, wolithatha nomakhelwane wakhe oseduze nomuzi wakhe njengenani labantu; kulelo nalelo wundlu anobala inani elithile njengokudla kwalowo nalowo muntu.
Uma umndeni umncane kakhulu ukuba ungaqeda iwundlu, uyohlangana nomakhelwane ukuze uthole iwundlu; iwundlu liyakwehlukaniswa izingxenye ngokulingene abantu abayakulidla.
Ngineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili namuhla, ngingahlukanisa okuhle nokubi na? Inceku yakho inganambitha engikudlayo nengikuphuzayo na? ngisalizwa yini izwi labahlabeleli besilisa nabesifazane abaculayo? pho, inceku yakho isayakuba ngumthwalo enkosini yami, inkosi, na?
Khulumani kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli, nithi: Ngolweshumi lwale nyanga bayakuzithathela yilowo nalowo imvu ngokwezindlu zawoyise, iwundlu ngendlu.
Iwundlu lakho kumelwe libe elingenasici, eliduna elinonyaka owodwa; uyakulithatha ezimvini noma ezimbuzini.
Abafundi benza njengokusho kukaJesu; basebelungisa iphasika.