Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi.
UDuteronomi 9:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngiwa phansi phambi kukaJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, lapho ngawa phansi ekuqaleni; ngokuba uJehova ushilo ukuthi uyakunibhubhisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngawela phansi phambi kukaJehova lezo zinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane engawa ngazo, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakunibhubhisa. IsiZulu 2020 “Ngakhothama ngathi mbo ngobuso phambi kukaSimakade, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngokuba uSimakade wayethe uzonibhubhisa. |
Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi.
Wayekhona lapho neNkosi izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalo eyishumi.
Ngabona, bhekani, nonile kuJehova uNkulunkulu wenu, nazenzela ithole elibunjiweyo; naphambuka masinyane endleleni uJehova aniyale ngayo.
Ngawa phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yazo zonke izono zenu enone ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.