Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 8:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

Njengezizwe uJehova azichitha phambi kwenu, niyakubhubha kanjalo; ngoba awulilalelanga ilizwi le Nkosi uNkulunkulu wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Njengezizwe uJehova azenza ukuba zibhubhe phambi kwenu, kanjalo niyakubhubha nani, ngokuba naningalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Niyobhubha njengezizwe uSimakade azibhubhisa phambi kwenu, ngokuba ningalilalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu.”

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 8:20
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; izizwe zabhubha ezweni lakhe.


Kodwa kabangilalelanga, kababekanga indlebe yabo, kodwa benza lukhuni intamo yabo; benze okubi kunoyise.


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; futhi akekho oyobadabula.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Leli yiJerusalema: ngilimise phakathi kwezizwe namazwe alizungezile.


Futhi uma ningafuni ukungilalela zonke lezi zinto, kodwa nihambe ngokumelene nami;


Abaseleyo kini bayobuna ebubini babo emazweni ezitha zenu; futhi ngobubi bawoyise bayobuna kanye nabo.


Ngifakaza kini namuhla izulu nomhlaba ukuthi niyakubhubha masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukulidla; aniyikuzandisa izinsuku zenu kulo, kepha niyakushaywa ngesiqalekiso.


Kepha bambelelani kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.