Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 7:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba bayakuyisusa indodana yakho kimi, ikhonze abanye onkulunkulu; kanjalo intukuthelo kaJehova iyakuvuthela, anibhubhise masinyane.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba uyakuphambukisa indodana yakho ekungilandeleni ukuba bakhonze abanye onkulunkulu, intukuthelo kaJehova ikuvuthele, akuchithe masinyane.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

ngokuba uyakuphambukisa indodana yakho ekungilandeleni bese ikhonza abanye onkulunkulu; intukuthelo kaSimakade ikuvuthele, akubhubhise masinyane.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 7:4
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi, njengokungathi kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli indodakazi ka-Etibhali inkosi yamaSidoni ukuba abe ngumkakhe, wahamba wambulala. Wakhonza uBali, wakhuleka kuye.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.


Uthathele amadodana akho amadodakazi abo, amadodakazi abo aphinge ngokulandela onkulunkulu babo, amadodana akho aphinge ngokulandela onkulunkulu bawo.


Ukuze banganifundisi ukwenza njengazo zonke izinengiso zabo abazenzileyo konkulunkulu babo; kanjalo niyone kuJehova uNkulunkulu wenu.


Ngifakaza kini namuhla izulu nomhlaba ukuthi niyakubhubha masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukulidla; aniyikuzandisa izinsuku zenu kulo, kepha niyakushaywa ngesiqalekiso.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomhawu phakathi kwakho, funa intukuthelo kaJehova uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikuchithe emhlabeni.


Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi:


Uma kungenjalo, buyelani emuva nibambelele ensalini yalezi zizwe ezisele phakathi kwenu, nizithathe ningene nazo, nazo kanye nani;


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli; wathi: “Ngokuba laba bantu beqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, bengalalelanga izwi lami;


Athatha amadodakazi awo abe ngomkawo, anika amadodana awo amadodakazi awo, akhonza onkulunkulu bawo.