Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho nguye odlula phambi kwakho; njengomlilo oqothulayo uyakubaqeda, abawise phambi kwakho; khona-ke kumelwe ubaxoshe futhi ubabhubhise ngokushesha, njengoba nje uJehova ekhulumile kini.
UDuteronomi 7:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uNkulunkulu wakho uyakuxosha lezo zizwe kancane kancane phambi kwakho; ungakudli masinyane, funa izilo zasendle zande phezu kwakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uNkulunkulu wakho uyakuxosha lezo zizwe phambi kwakho kancane kancane, ungaziqedi masinyane, funa izilwane zasendle zande ngaphezu kwakho. IsiZulu 2020 USimakade uNkulunkulu wakho uyozixosha lezi zizwe phambi kwakho kancane kancane; awuyukwazi ukuziqeda masinyane, funa izilwane zasendle zande zibe ziningi kunani. |
Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho nguye odlula phambi kwakho; njengomlilo oqothulayo uyakubaqeda, abawise phambi kwakho; khona-ke kumelwe ubaxoshe futhi ubabhubhise ngokushesha, njengoba nje uJehova ekhulumile kini.
Kepha amaJebusi akhileyo eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha; kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.