Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora, iMasigili. Sizwile ngezindlebe zethu, Nkulunkulu, ukuthi obaba basitshela umsebenzi owawenza emihleni yabo, emihleni yasendulo.
UDuteronomi 6:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uma indodana yakho ikubuza kamuva ithi: ‘Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu akuyale ngakho na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu aniyale ngakho na?’ IsiZulu 2020 “Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Bufakazi buni, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wethu aniyala ngakho, na?’ |
Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora, iMasigili. Sizwile ngezindlebe zethu, Nkulunkulu, ukuthi obaba basitshela umsebenzi owawenza emihleni yabo, emihleni yasendulo.
Ukuze ukhulume ezindlebeni zendodana yakho nezendodana yendodana yakho engikwenzile eGibithe, nezibonakaliso zami engazenza phakathi kwabo; ukuze nazi ukuthi nginguJehova.
Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza kamuva ithi: ‘Kuyini lokhu? uthi kuye: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, endlini yobugqila.
Uzatshela indodana yakho ngalolosuku uthi: Lokhu kwenziwa ngenxa yalokho uJehova akwenza kimi ekuphumeni kwami eGibhithe.
Fundisa umntwana indlela ekufanele ahambe ngayo, futhi lapho esekhulile ngeke aphambuke kuyo.
Kuphela ziqaphele, ulonde umphefumulo wakho, ukuze ungakhohlwa akubonayo amehlo akho, kungasuki enhliziyweni yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; kodwa uzifundise amadodana akho lamadodana amadodana akho;
Khona-ke kumelwe uthi endodaneni yakho: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibhithe; uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.
Kumelwe ulifundise ngenkuthalo abantwana bakho futhi ukhulume ngalo lapho uhlezi endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.