Bathatha imizi eqinile nezwe elivundile, badla izindlu ezigcwele konke, imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi yezithelo ngobuningi; badla, basutha, bakhuluphala, bajabula ngobuhle bakho obukhulu.
UDuteronomi 6:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, nemithombo eningayimbanga, izivini neminqumo eningayitshalanga; uma udla usuthe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, nemithombo embiweyo ongayimbanga, nezivini neminqumo ongakutshalanga, nalapho udla usuthe, IsiZulu 2020 izindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, imithombo embiweyo ongayimbanga, izivini neminqumo ongakutshalanga, uyodla futhi usuthe, |
Bathatha imizi eqinile nezwe elivundile, badla izindlu ezigcwele konke, imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi yezithelo ngobuningi; badla, basutha, bakhuluphala, bajabula ngobuhle bakho obukhulu.
UmLevi (ngokuba akanasabelo nafa nawe), nomfokazi nentandane nomfelokazi abasemasangweni akho, bayakuza, badle, basuthe; ukuze uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.
“Uma uJehova uNkulunkulu wakho echitha izizwe ezizweni lazo uJehova uNkulunkulu wakho akunika zona, nizilandele, nihlale emizini yazo nasezindlini zazo;
Kodwa uJesuruni wakhuluphala wakhahlela; ukhuluphele, ukhuluphele, ukhuluphele; wayesemshiya uNkulunkulu owamenzayo, wadelela iDwala lensindiso yakhe.
Nganinika izwe eningalisebenzelanga, nemizi eningayakhanga, nahlala kuyo; izivini neminqumo eningayitshalanga niyadla.
Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali nezihlahla.