Kodwa abantu bami kabalilalelanga ilizwi lami; futhi u-Israyeli akafunanga muntu kimi.
UDuteronomi 5:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “ ‘NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila. IsiZulu 2020 “ ‘NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila. |
Kodwa abantu bami kabalilalelanga ilizwi lami; futhi u-Israyeli akafunanga muntu kimi.
Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza kamuva ithi: ‘Kuyini lokhu? uthi kuye: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, endlini yobugqila.
Wayesethi uMose kubantu: “Khumbulani lolu suku ekuphumeni kwenu eGibithe, endlini yobugqila; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo; akungadliwa isinkwa esivutshelweyo.
Engayala ngakho oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, esithandweni sensimbi, ngathi: Lalelani izwi lami, nenze njengokuniyala kwami; kanjalo niyakuba yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu;
Ngokuba nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yobugqila; ngathuma oMose, no-Aroni, noMiriyamu phambi kwenu.
Kodwa nina enanamathela kuJehova uNkulunkulu wenu, yilowo nalowo kini niyaphila namuhla.
Kodwa ngenxa yokuthi iN kosi yalithanda, langoba igcine isifungo eyasifunga koyihlo, i Nkosi yalikhupha ngesandla esilamandla, yalikhulula endlini yobugqili, esandleni sikaFaro, inkosi yeGibhithe.
Khona inhliziyo yakho iziphakamisile, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, endlini yobugqila;