Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 5:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kungani kufanele sife manje? ngoba lomlilo omkhulu uzasiqeda; uma sisalizwa izwi likaJehova uNkulunkulu wethu, siyakufa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngalokho siyakufelani na? Ngokuba lo mlilo omkhulu uyakusiqeda; uma silizwa futhi izwi likaJehova uNkulunkulu wethu, siyakufa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Pho siyakufelani na? Leli kloba liyakusiqeda. Uma sibuye salizwa izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu, siyokufa,

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 5:25
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Adamu wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, ngesaba, ngokuba nginqunu; ngase ngicasha.


Bonke abantu babona ukuduma, nemibani, nomsindo wecilongo, nentaba ethunqayo; abantu sebekubona bahlehla bamela khatshana.


Basebesithi kuMozisi: Khuluma wena kithi, sizakuzwa; kepha uNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife.


Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangahlali kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho, ukuba bakwenze.


Njengakho konke owakufisayo ngosuku lwenhlangano yeNkosi uNkulunkulu wakho eHorebe ngokuthi: Mangingabuye ngizwe izwi likaJehova uNkulunkulu wami, futhi ngingabe ngisawubona lo mlilo omkhulu, Angifi.


UJehova wathi kimi: “Bakhulume kahle abakukhulumile.”


Wathi: “UJehova wavela eSinayi, wabavukela evela eSeyiri; wakhanya entabeni yasePharanu, weza nabangcwele abayizinkulungwane eziyishumi; esandleni sakhe sokunene kwaphuma umthetho womlilo kubo.


Futhi nathi: Bhekani, uJehova uNkulunkulu wethu usesenze sabona inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, futhi sizwile izwi lakhe livela emlilweni; sibonile namuhla ukuthi uNkulunkulu ukhuluma nomuntu, aphile.


nokukhala kwecilongo, nokuzwakala kwamazwi; okuyizwi abalizwayo banxusa ukuba izwi lingaphinde likhulunywe kubo;


Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.