UDuteronomi 32:51 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli emanzini aseMeriba-Kadeshi ehlane laseSini; ngoba aningingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngasemanzini aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini, lokhu ningangingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. IsiZulu 2020 ngokuba naphambuka phambi kwabantu bakwa-Israyeli namelana nami ngasemanzini eMeribha eKadeshi, ehlane iZini, lokhu ningangingcwelisanga phambi kwabakwa-Israyeli. |
Uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu, lusukela eTamari, luye emanzini eMeribha eKadeshi, nomfula, kuze kube seLwandle Olukhulu. Lolu yilo uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu.
UMose wayesethi ku-Aroni: “Yilokhu uJehova akukhulumayo ngokuthi: ‘Ngizangcweliswa kulabo abasondela kimi, futhi phambi kwabo bonke abantu ngiyodunyiswa. U-Aroni wathula.
U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakubo, ngokuba akayikungena ezweni engalinika abantwana bakwa-Israyeli, ngokuba nahlubuka ezwini lami emanzini aseMeriba.
Ngokuba nahlubuka emyalezweni wami ehlane laseSini, ekulweni kwebandla, ukungingcwelisa emanzini phambi kwamehlo abo; lawo angamanzi aseMeriba eKadeshi ehlane laseSini.
Leyo yaba yinkatho yesizwe sabantwana bakwaJuda ngezizukulwane zabo; kuze kube semkhawulweni wakwa-Edomi ihlane laseSini ngaseningizimu ekupheleni kogu lwaseningizimu.
Ngokuba isikhathi sesifikile sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu; uma kuqala kithi, kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na?