Bhekani, uNkulunkulu unathi ukuba abe ngumbusi wethu, nabapristi bakhe namacilongo ahlaba umkhosi ukuba banihlabe umkhosi; Nina bantwana bakwa-Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo; ngoba kawuyikuphumelela.
UDuteronomi 3:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Akumelwe nibesabe; ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakunilwela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Aniyikubesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguyena onilwelayo.’ IsiZulu 2020 Ningabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu nguye ozakunilwela.’ |
Bhekani, uNkulunkulu unathi ukuba abe ngumbusi wethu, nabapristi bakhe namacilongo ahlaba umkhosi ukuba banihlabe umkhosi; Nina bantwana bakwa-Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo; ngoba kawuyikuphumelela.
Anifanele ukulwa kule mpi; sukumani nime, nibone ukukhulula kukaJehova nani Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumani kusasa niyokulwa nabo, ngokuba uJehova uyakuba nani.
Ukwesaba uNkulunkulu kwaba phezu kwayo yonke imibuso yalawo mazwe lapho isizwa ukuthi uJehova wayelwile nezitha zakwa-Israyeli.
Nomaphi lapho nizwa khona ukukhala kwecilongo, niye khona; uNkulunkulu wethu uyakusilwela.
Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kepha isandla sakho sokunene nengalo yakho nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawunomusa kubo.
Ase ekhumula amasondo ezinqola zawo, awagibelisa, kangangokuthi abaseGibithe bathi: “Masibaleke phambi kuka-Israyeli; ngoba uJehova uyabalwela emelene labaseGibhithe.
UJehova wayesethi kuMose: “Ungamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho yena nabantu bakhe bonke nezwe lakhe; uyakwenza kuye njengoba wenza kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni.
UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke akwenza kini phambi kwamehlo enu eGibithe;
Lapho uphuma ukulwa nezitha zakho, namahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe owakukhuphula ezweni laseGibithe.
Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye ohamba nani ukunilwela ezitheni zenu, anisindise.
Ngamyala uJoshuwa ngaleso sikhathi, ngathi: “Amehlo akho abonile konke uJehova uNkulunkulu wakho akwenzile kulawo makhosi amabili; kanjalo uJehova uyakwenza kuyo yonke imibuso oya kuyo.
UJoshuwa wawathatha wonke la makhosi nezwe lawo kanyekanye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wayewalwela u-Israyeli.
Umuntu oyedwa phakathi kwenu uyakuxosha inkulungwane; ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo njengokuthembisa kwakhe kini.