Basuka kuhwelela ukuya ekamu lama-Aramu; sebefike ekupheleni kwekamu lama-Aramu, kwakungekho muntu lapho.
UDuteronomi 28:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; bayakuphumela kuwe ngandlelanye, bakubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye, zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa. IsiZulu 2020 “USimakade uyozenza izitha ezikuvukelayo ukuba zehlulwe phambi kwakho, ziyakuza kuwe zivela ngasendaweni eyodwa, kodwa ziyakubaleka ngezindlela eziyisikhombisa. |
Basuka kuhwelela ukuya ekamu lama-Aramu; sebefike ekupheleni kwekamu lama-Aramu, kwakungekho muntu lapho.
UJehoshafati wahlala eJerusalema, wabuye waphuma phakathi kwabantu kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni zakwa-Efrayimi, wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise.
Futhi ngiyozinqoba izitha zakhe phambi kobuso bakhe futhi ngihluphe labo abamzondayo.
UJehova uyakuninqoba phambi kwezitha zenu, niphume ukulwa nazo ngendlela eyodwa, nizibaleke ngezindlela eziyisikhombisa, ninyakazeke emibusweni yonke yomhlaba.
UJehova uyakukubusisa engcebweni yakho nakukho konke obeka kukho isandla sakho; uyakukubusisa ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
Inkulungwane iyakubaleka kanjani, nezinkulungwane ezimbili eziyishumi zingabaleka, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebavalile na?
UJoshuwa wawathatha wonke la makhosi nezwe lawo kanyekanye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wayewalwela u-Israyeli.
Umuntu oyedwa phakathi kwenu uyakuxosha inkulungwane; ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo njengokuthembisa kwakhe kini.
Laba abanye baphuma emzini ukumelana labo; ayephakathi kukaIsrayeli, abanye ngalapha, abanye ngale; babanqoba, kangangokuthi abashiyanga noyedwa kubo owaphunyuka.