UDuteronomi 28:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Zonke lezi zibusiso ziyakufika phezu kwakho, zikufice, uma ulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zonke lezi zibusiso ziyakufika phezu kwakho, zikufice, uma ulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho. IsiZulu 2020 Zonke lezi zibusiso ziyokwehlela kuwe, kube ngezakho, uma ulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho. |
Kepha amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi, akubambanga yini koyihlo na? babuya, bathi: “Njengokuba uJehova Sebawoti wayehlosile ukwenza kithi njengezindlela zethu nezenzo zethu, wenze njalo kithi.
Isibusiso, uma nilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla:
Kepha uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ugcine yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla; ukuze zonke lezi ziqalekiso zehlele phezu kwakho, zikufice;
Zonke lezi ziqalekiso ziyakufika phezu kwakho, zikusukele, zikufice, uze ubhujiswe; ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukugcina imiyalo yakhe nezimiso zakhe akuyale ngakho.
Ngokuba ukuqeqesha umzimba kusiza kancane, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhukuphila, nalokho okuzayo.