UDuteronomi 2:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba isandla sikaJehova impela sasimelene nabo ukubachitha empini baze baqedwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Futhi isandla sikaJehova sasimelene nawo ukuwachitha phakathi kwekamu,* aze aphela. IsiZulu 2020 Impela isandla sikaSimakade sasimelene nawo ukuwabhubhisa phakathi kwenkambu, aze aphele nya. |
Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami; umswakama wami waphenduka ukoma kwasehlobo. Sela.
Lapho ubona, inhliziyo yakho iyojabula, namathambo akho ayoqhakaza njengesitshalo; futhi isandla sikaJehova sizokwaziwa ezincekwini zakhe nolaka lwakhe phezu kwezitha zakhe.
Tshono kibo uthi: Kuphila kwami, itsho iN kosi, njengokukhuluma kwenu ezindlebeni zami, ngizakwenza njalo kini.
Ngakho-ke ngiyakunikhumbuza, noma benazi lokhu ngaphambili, ukuthi iNkosi, isisindise abantu ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa abangakholwanga.
Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo ngokubi, njengokukhuluma kukaJehova nanjengoba uJehova wayebathembisile ngesifungo; bakhathazeka kakhulu.
Basebethuma, babutha zonke iziphathamandla zamaFilisti, bathi: Thumani umphongolo kaNkulunkulu kaIsrayeli, ubuyele endaweni yawo, ukuze ungasibulali thina labantu bakithi; ngoba kwakukhona incithakalo ebulalayo kuwo wonke umuzi; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu lapho.
Kepha isandla sikaJehova saba nzima phezu kwabo kwase-Ashidodi, wabachitha, wababulala ngenkemba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo.
Kwathi sebewuzuzile, isandla sikaJehova saba phezu komuzi ngokuchitha okukhulu kakhulu; izingxenye.
Athotywa amaFilisti, akaba esangena emkhawulweni wakwa-Israyeli; isandla sikaJehova saba phezu kwamaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.