Kuyakuba khona umgwaqo omkhulu nendlela, futhi iyobizwa ngokuthi, indlela yobungcwele; ongcolileyo angadluli phezu kwayo; kepha kuyakuba ngabo: abahambayo, nakuba beyiziwula, abayikuduka ngakho.
UDuteronomi 19:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe uzilungisele indlela, wahlukanisele imikhawulo yezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa libe izingxenye ezintathu, ukuze kuthi noma ubani onqotshiweyo abalekele khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakuyilungisa indlela, wahlukanise kathathu imikhawulo yezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, ukuze bonke ababulali babalekele khona. IsiZulu 2020 Uyolungisa indlela, wehlukanise kathathu izifunda zezwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa, ukuze bonke ababulali babalekele lapho. |
Kuyakuba khona umgwaqo omkhulu nendlela, futhi iyobizwa ngokuthi, indlela yobungcwele; ongcolileyo angadluli phezu kwayo; kepha kuyakuba ngabo: abahambayo, nakuba beyiziwula, abayikuduka ngakho.
futhi lizakuthi: Qumbani, fumbathani, lungisani indlela, susani isikhubekiso endleleni yabantu bami.
Dlulani, nidlule emasangweni; lungisani indlela yabantu; lahlani, lahlani umgwaqo omkhulu; khiphani amatshe; phakamisa indinganiso kubantu.
Kumelwe uzibekele eceleni imizi emithathu ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle.
Nansi indaba yombulali obalekela khona ukuba aphile: obulala umakhelwane wakhe engazi, ebengamzondi ngaphambili;
Uma ungena ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho, ulidle, uhlale kulo;
Ngaphezu kwalokho, uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi ngeke ngiwele iJordani nokuthi ngeke ngingene kulelo zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona njengefa.
Nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo, ukuze okuqhugayo kungaphambuki endleleni; kodwa kunalokho kakulaliswe.