Loba ngubani obulala umuntu, umbulali kumele abulawe ngomlomo wabofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakaza ngomuntu ukuba afe.
UDuteronomi 17:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngomlomo wawofakazi ababili noma kofakazi abathathu, lowo ofanele ukufa makabulawe; kodwa ngomlomo wofakazi oyedwa kayikubulawa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngomlomo wawofakazi ababili noma ngowawofakazi abathathu uyakubulawa lowo ofanele ukufa; ngomlomo wofakazi munye akayikubulawa. IsiZulu 2020 Ngobufakazi bofakazi ababili noma abathathu lowo ofanele ukufa, uyakubulawa. Kodwa ngobufakazi bomuntu oyedwa, akayukubulawa. |
Loba ngubani obulala umuntu, umbulali kumele abulawe ngomlomo wabofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakaza ngomuntu ukuba afe.
Kodwa uma engakulaleli, thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi aqiniswe.
Sekungokwesithathu ngiza kini. Ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi ayakuqiniswa.
Ufakazi oyedwa akayikuma ngomuntu ngobubi noma ngesono kunoma yisiphi isono one ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.
Ungalamukeli ukumangalelwa ngelunga, ngaphandle kofakazi ababili noma abathathu.