Uma inceku isho nokusho ukuthi: ‘Ngithanda inkosi yami, nomkami, nabantwana bami; Ngeke ngiphume ngikhululekile.
UDuteronomi 15:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uthathe usungulo, ulubhoboze endlebeni yakhe ngasemnyango, abe yinceku yakho kuze kube phakade. Wenze njalo nangencekukazi yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uyakuthatha usungulo, ubhobozele indlebe yakhe emnyango, abeseba yinceku yakho kuze kube phakade. Nakuyo incekukazi yakho uyakwenze njalo. IsiZulu 2020 uyothatha usungulo umbhoboze indlebe esesemnyango; abe yinceku yakho kuze kube phakade. Uyokwenza kanjalo nasencekukazini yakho. |
Uma inceku isho nokusho ukuthi: ‘Ngithanda inkosi yami, nomkami, nabantwana bami; Ngeke ngiphume ngikhululekile.
Inkosi yaso iyakusiletha kubahluleli; amlethe ngasemnyango noma ensikeni yomnyango; inkosi yaso iyakuyibhoboza indlebe yaso ngosungulo; futhi uyomkhonza kuze kube phakade.
Futhi uma ethi kini: Kangiyikunishiya; ngoba uyakuthanda wena nendlu yakho, ngoba izinto zikuhambela kahle;
Ngeke kube nzima kuwe uma umxosha kuwe ngesihle; ngokuba ubekufanele inkokhelo yosuku oluphindwe kabili ukukukhonza iminyaka eyisithupha; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kukho konke okwenzayo.
Kepha uHana akakhuphukanga; ngokuba wathi endodeni yakhe: “Angiyikukhuphuka umntwana aze alunyulwe; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona kuze kube phakade.”