Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngiyawaxosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.
UDuteronomi 11:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nidle ifa lezizwe ezinkulu nezinamandla kunani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uJehova uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nizidle izizwe ezinkulu nezinamandla kunani. IsiZulu 2020 uSimakade uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nizinqobe izizwe ezinkulu nezinamandla kunani. |
Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngiyawaxosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.
ukuba axoshe phambi kwakho izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, ukuba akungenise, akunike izwe lazo libe yifa lakho, njengokuba kunjalo namuhla.
Zwana, Israyeli, uyakudabula iJordani namuhla ukungena ukudla izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu ebiyelweyo kuze kufike ezulwini;
Akungenxa yokulunga kwakho noma ngenxa yobuqotho benhliziyo yakho ukuthi uyakudla ifa lezwe labo; kepha ngenxa yobubi balezi zizwe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzixosha phambi kwakho, agcwalise izwi uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.
Ngokuba uJehova waxosha izizwe ezinkulu nezinamandla phambi kwenu, kepha nina akukho muntu okwazile ukuma phambi kwenu kuze kube namuhla.