Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 11:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

Yazini nina namuhla, ngokuba angikhulumi kini bantwana abangabonanga, nabangabonanga, isijeziso sikaJehova uNkulunkulu wenu, nobukhulu bakhe, nesandla sakhe esinamandla, nengalo yakhe eyeluliweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yazini namuhla ngokuba angikhulumi kubantwana benu abangazanga nabangabonanga ukulaya kukaJehova uNkulunkulu wenu ubukhulu bakhe, nesandla sakhe esinamandla, nengalo yakhe eyeluliweyo,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Yazini namuhla ukuthi akubona abantwana benu abangazanga nabangabonanga ukufundisa kukaSimakade uNkulunkulu wenu, ubukhulu bakhe, isandla sakhe esinamandla, ukwenza kwakhe okumangalisayo,

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 11:2
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Ngakho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: NgiyiNkosi, futhi ngiyakunikhipha ngaphansi kwemithwalo yabaseGibhithe, futhi ngiyonikhulula ebugqilini babo, futhi ngiyonikhulula ngengalo eyeluliweyo nangamandla amakhulu. Izinqumo:


Ukuze ithemba lakho libe kuJehova, ngikwazisile nakini namuhla.


Kodwa yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sokuthula kwethu sasiphezu kwakhe; nangemivimbo yakhe siphilisiwe thina.


Ngakho-ke sengizuze usizo lukaNkulunkulu, ngimi kuze kube yilolu suku, ngifakaza kwabancane nabakhulu, ngingakhulumi okunye ngaphandle kwalokho abakushilo abaprofethi noMose ukuthi kuyakwenzeka;


Nimi nonke namuhla phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu; izinhloko zezizwe zenu, namalunga enu, nezinceku zenu, nawo onke amadoda akwa-Israyeli,


O Nkosi Jehova, usuqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla; ngokuba yimuphi uNkulunkulu ezulwini noma emhlabeni ongenza ngokwemisebenzi yakho nangamandla akho na?


Noma uNkulunkulu wafuna ukuzibuthela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesabeka okukhulu, njengakho konke uJehova akwenzileyo. UNkulunkulu wenze kini eGibhithe phambi kwamehlo enu?


Futhi nathi: Bhekani, uJehova uNkulunkulu wethu usesenze sabona inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, futhi sizwile izwi lakhe livela emlilweni; sibonile namuhla ukuthi uNkulunkulu ukhuluma nomuntu, aphile.


izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla, nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho; kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakwenza kuzo zonke izizwe ozesabayo.


Uma ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze, ubakhothamele, ngiyafakaza ngani namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha.


Ngakhuleka kuJehova ngathi: ‘Nkosi Jehova, ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho owalikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.


U-Israyeli wamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamalunga asala kuJoshuwa futhi azi wonke usizi.