UDuteronomi 11:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke kumelwe nisuse la mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu niwabophe njengophawu esandleni senu, ukuze abe njengezibopho phakathi kwamehlo enu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe luphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu. IsiZulu 2020 Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe wuphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu. |
Kuyakuba luphawu esandleni sakho nanjengebhande phakathi kwamehlo akho; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe.
Kuyakuba kuwe luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.
Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami; kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami.
Ungaphelelwa umusa nokuthembeka; zibophe entanyeni yakho; kulobe esibhebheni senhliziyo yakho.
Ngizabanika inhliziyo eyodwa lendlelanye, ukuze bangesabe kuze kube nininini, kube yinzuzo yabo leyabantwana babo emva kwabo.
Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo;
Wathi kubo: “Bekani izinhliziyo zenu kuwo wonke amazwi engiwafakazayo phakathi kwenu namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho.
Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.
Ngakho-ke sifanele ukunakisisa kakhulu lokho esikuzwileyo, funa noma nini sishelele.
Ngakho-ke angiyikuyekela ukunikhumbuza njalo ngalezi zinto, nakuba nizazi, niqiniswa eqinisweni elikhona.