Ngokuba wanamathela kuJehova, akaphambukanga kuye, kepha wagcina imiyalo yakhe uJehova ayala ngayo uMose.
UDuteronomi 10:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe umesabe uJehova uNkulunkulu wakho; kumelwe umkhonze, futhi kumelwe unamathele kuye ufunge igama lakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe. IsiZulu 2020 Uyomesaba uSimakade uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe. |
Ngokuba wanamathela kuJehova, akaphambukanga kuye, kepha wagcina imiyalo yakhe uJehova ayala ngayo uMose.
Kodwa inkosi izathokoza ngoNkulunkulu; bonke abafunga ngaye bayakuzibonga, kepha umlomo wabakhuluma amanga uyakuvinjwa.
Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uJehova kayikumyekela osebenzisa ibizo lakhe ngeze.
Ake sizwe isiphetho sayo yonke lendaba: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokhu kuyimfanelo yomuntu wonke.
Ngizifungile mina, izwi liphumile emlonyeni wami ngokulunga, aliyikubuya, ukuthi kimi amadolo onke ayakuguqa, nezilimi zonke ziyakufunga.
Uzafunga uthi: Kuphila kukaJehova ngeqiniso, ngokulunga langokulunga; izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizidumise Ngaye.
Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.
UJesu waphendula wathi kuye: “Suka emva kwami, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.
Owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.
Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ezindleleni zakhe zonke, ninamathele kuye;
Kumelwe ulandele uJehova uNkulunkulu wakho, umesabe, ugcine imiyalo yakhe, ulalele izwi lakhe, umkhonze, unamathele kuye.
Ukuze umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba ungukuphila kwenu nobude bezinsuku zenu, ukuze nihlale ezweni uJehova alifungela lona. Oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika bona.
Kodwa nina enanamathela kuJehova uNkulunkulu wenu, yilowo nalowo kini niyaphila namuhla.
Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka osebenzisa ngeze igama lakhe angajeziswa.
O, uma kwakukhona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine yonke imiyalo yami kuze kube phakade, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade!
ukuze lingangeni phakathi kwalezi zizwe eziseleyo phakathi kwenu; futhi ungaliphathi igama labonkulunkulu babo, ufunge ngabo, ungabakhonzi, ungabakhothameli.
Kepha bambelelani kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.
USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli, wathi: “Uma niphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti phakathi kwenu, nilungise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa. Uyokusindisa esandleni samaFilisti.