Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 1:43 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kungakho ngikhulume kini; anilalelanga, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, nakhuphuka intaba ngokugabadela.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Ngakhuluma-ke kanjalo kini, analalela, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, naziqhenya, nakhuphukela entabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

“Ngakhuluma kanjalo-ke kini, kodwa anilalelanga, kunalokho nalihlubuka izwi likaSimakade, naba nenkani, nakhuphukela kwelezintaba.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 1:43
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha bahlubuka, bahlupha uMoya wakhe oNgcwele; ngalokho waba yisitha sabo walwa nabo.


Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuphukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bheka, silapha, senyukela endaweni uJehova ayithembisayo, ngokuba sonile.”


Kodwa baba nesibindi sokukhuphukela esiqongweni sentaba; nokho umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose abasukanga ekamu.


Kodwa umphefumulo owenza ngokugabadela, kungakhathaliseki ukuthi ungowokuzalwa ezweni noma ungowemzini, othuka uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele;


Kodwa anithandanga ukukhuphuka, kepha nahlubuka emyalezweni kaJehova uNkulunkulu wenu.


Umuntu ofuna ukwenza ngokugabadela futhi angamlaleli umpristi omi lapho ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu kufanele afe; futhi kumelwe ususe ububi kwa-Israyeli.