Ngoba kabalilalelanga ilizwi le Nkosi uNkulunkulu wabo, kodwa basephula isivumelwano sakhe lakho konke uMozisi inceku ye Nkosi ayekuyale ngakho, kabalalelanga, kabakwenzanga.
UDaniyeli 9:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yebo, wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, yebo, ngokuhamba, ukuze angalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululelwe phezu kwethu nesifungo esilotshwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye. IsiZulu 2020 Wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye. |
Ngoba kabalilalelanga ilizwi le Nkosi uNkulunkulu wabo, kodwa basephula isivumelwano sakhe lakho konke uMozisi inceku ye Nkosi ayekuyale ngakho, kabalalelanga, kabakwenzanga.
Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi encwadi inkosi yakwaJuda eyayifunda.
Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo iyamazi umkhombe womnumzane wayo, kepha u-Israyeli akazi, abantu bami abalaleli.
Ngalokho ngangcolisa izikhulu zendlu engcwele, ngamnikela uJakobe esiqalekisweni, no-Israyeli ehlazweni.
Uzakuthi kibo: Ngoba oyihlo bangitshiyile, itsho iNKOSI, balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, babakhothamela, bangilahla, kabagcinanga umlayo wami;
Zonke izithandwa zakho sezikukhohliwe; abafuni Wena; ngokuba ngikushayé ngomvimbo wesitha, ngokujezisa kononya, ngenxa yobuningi bobubi bakho; ngoba izono zenu zandile.
Bangena, balidla; kepha abalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho; abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele bonke lobu bubi phezu kwabo.
UJehova wakuletha, wenza njengokukhuluma kwakhe, ngokuba nonile kuJehova, analalela izwi lakhe, ngalokho le ndaba ibe phezu kwenu.
ukuze uJehova angabe esakwazi ukukuthwala ngenxa yobubi bezenzo zenu nangenxa yezinengiso enazenzayo; ngalokho izwe lenu liyihlane, nesimangaliso, nesiqalekiso, alinamuntu ohlala khona, njenganamuhla.
Ngenxa yokuthi nakhuphula impepho nangenxa yokuthi nonile kuJehova futhi anizange nililalele izwi likaJehova futhi anihambanga ngomthetho wakhe nangezimiso zakhe nangobufakazi bakhe; ngalokho lobu bubi bukwehlele njenganamuhla.
Zwana, mhlaba, bheka, ngehlisela okubi phezu kwalaba bantu, yebo, isithelo semicabango yabo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami nomthetho wami, kepha bawulahla.
iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nabo bonke abasemagumbini ahlala ehlane; ngoba zonke lezi zizwe azisokile, futhi yonke indlu ka-Israyeli isokile enhliziyweni.
Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kwasehlela, kepha asikhulekanga phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba sibuye ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.
Sonile, senza ububi, senza okubi, sahlubuka ngokuphambuka emiyalweni yakho nasezimisweni zakho zokwahlulela.
Kepha amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi, akubambanga yini koyihlo na? babuya, bathi: “Njengokuba uJehova Sebawoti wayehlosile ukwenza kithi njengezindlela zethu nezenzo zethu, wenze njalo kithi.
Yebo, benza izinhliziyo zabo zaba njengetshe, ukuze bangawuzwa umthetho namazwi uJehova Sebawoti awathumela ngomoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela ulaka olukhulu oluvela kuJehova Sebawoti.
Futhi njengoba naniyisiqalekiso phakathi kwezizwe, O ndlu yakwaJuda nawe ndlu ka-Israyeli! ngakho ngiyakukusindisa, wena ube yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.
Njengezizwe uJehova azichitha phambi kwenu, niyakubhubha kanjalo; ngoba awulilalelanga ilizwi le Nkosi uNkulunkulu wakho.