Intonga yamandla akho uJehova iyakuyelula iseSiyoni; ubuse phakathi kwezitha zakho.
UDaniyeli 7:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngabona emibonweni yasebusuku, bheka, kwafika onjengeNdodana yomuntu namafu ezulu, weza koMdala Wezinsuku, bamsondeza phambi kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku, yasondezwa phambi kwakhe. IsiZulu 2020 “Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, onjengendodana yomuntu wafika namafu ezulu; wafika komdala wezinsuku, wasondezwa phambi kwakhe. |
Intonga yamandla akho uJehova iyakuyelula iseSiyoni; ubuse phakathi kwezitha zakho.
Cela kimi, ngikunike izizwe zibe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakho.
Bheka, uyakwenyuka njengengonyama emfuleni iJordani, akhuphukele endaweni eyinqaba; kepha ngiyakumbalekela ngokuzuma; ngubani okhethiweyo, engingambeka phezu kwakhe na? ngoba ngubani onjengami? ngubani ongangibekela isikhathi na? ngubani umalusi ongema phambi kwami na?
Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakukhona okufana nesihlalo sobukhosi, kufana nokubonakala kwetshe lesafire;
Futhi ezinsukwini zala makhosi uNkulunkulu wezulu uyovusa umbuso ongayikuchithwa phakade; umbuso awuyikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuphahlaza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.
Kepha ezinye izilwane, ukubusa kwazo kwasuswa, kepha ukuphila kwazo kwandiswa isikhathi nesikhathi.
UDaniyeli wakhuluma, wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku, bheka, imimoya yomine yezulu yayibanga ulwandle olukhulu;
kwaze kwafika oMdala wezinsuku, bahlulelwa abangcwele boPhezukonke; futhi safika isikhathi sokuthi abangcwele bathathe umbuso.
Ngabuka zaze zaphonswa phansi izihlalo zobukhosi, kwahlala oMdala wezinsuku, ingubo yakhe imhlophe njengeqhwa, nezinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasinjengelangabi lomlilo namasondo aso njengomlilo ovuthayo.
Lapho mina, mina Daniyeli, ngibona umbono, ngafuna incazelo, bheka, kwakumi phambi kwami kungathi ukubonakala komuntu.
INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo, nabenza okubi;
Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.
Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi.
UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.
UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.
UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.
Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini inamandla amakhulu nenkazimulo.
Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu.
Isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uhlala phakade; usho kanjani ukuthi: INdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? ingubani le Ndodana yomuntu na?
Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.
Wathi: “Bheka, ngibona amazulu evulekile, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.
Onguye yedwa onokungabhubhi, ehlezi ekukhanyeni okungenakusondela kukho; okungekho muntu owake wambona, nongakwazi ukumbona: makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.
Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;
Ngoba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso weyeqiniso; kodwa ungene ezulwini uqobo, ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.
Naphakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa onjengeNdodana yomuntu, embethe ingubo efika ezinyaweni, ebophe isifuba ngebhande legolide.
Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.
Bheka, uyeza namafu; namehlo onke ayakumbona, nabamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Noma kunjalo Amen.
Ngase ngibona, bheka, ifu elimhlophe, naphezu kwefu kwakuhlezi ofana neNdodana yomuntu, enomqhele wegolide ekhanda layo, nasesandleni sakhe isikela elibukhali.