Uyakuba njengesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi saso; neqabunga lawo aliyikubuna; futhi konke akwenzayo kuyophumelela.
UDaniyeli 3:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inkosi yayisikhulisa oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego esifundeni saseBabele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosi yabaphakamisa oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego esifundeni saseBabele. IsiZulu 2020 Inkosi yabaphakamisa oShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego esifundeni eBhabhele. |
Uyakuba njengesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi saso; neqabunga lawo aliyikubuna; futhi konke akwenzayo kuyophumelela.
Ngoba engithanda, ngakho ngizamsindisa; ngiyakumphakamisa, ngokuba elazi iGama lami.
Induna yabathenwa yabaqamba amagama, ngokuba yaqamba uDaniyeli ngokuthi uBelitshasari; noHananiya kaShadiraki; noMishayeli kaMeshaki; no-Azariya, ku-Abhedinego.
UDaniyeli wayeseyicela enkosini, yabeka oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego phezu kwezindaba zesifunda saseBabele; kodwa uDaniyeli wayehlezi esangweni lenkosi.
Inkosi uNebukadinesari yenza isithombe segolide, ukuphakama kwaso kwakuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi baso buyizingalo eziyisithupha; wawumisa ethafeni laseDura esifundeni saseBabele.
Kukhona abaJuda abathile owabeke phezu kwezindaba zesifunda saseBabele, oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego; Lawa madoda, nkosi, awakunakanga; azikhonzi onkulunkulu bakho, azikhuleki esithombeni segolide osimisileyo.
Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.
Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na?
Ngalokho usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngishilo nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo iyakuhamba phambi kwami kuze kube phakade; kepha Jehova muntu, makube kude nami; Ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa, nabangidelelayo bayakuba-delelekile.