UDaniyeli 3:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lawa madoda amathathu, oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego, awela eboshwe izandla phakathi kwesithando somlilo ovuthayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha lawa madoda amathathu, oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, awela phansi eboshiwe phakathi nesithando somlilo ovuthayo. IsiZulu 2020 Kepha lawa madoda amathathu; oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego, awela phansi eboshiwe phakathi esithandweni somlilo ovuthayo. |
Uma udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; uma udabula emlilweni, awuyikusha; nelangabi aliyikukuvutha.
Base bemthatha uJeremiya, bamphonsa emthonjeni kaMalikhiya indodana yenkosi, owawusegcekeni letilongo; bamehlisa uJeremiya ngezindophi. Emthonjeni kwakungekho manzi, kodwa udaka; ngakho uJeremiya wacwila odakeni.
Induna yabathenwa yabaqamba amagama, ngokuba yaqamba uDaniyeli ngokuthi uBelitshasari; noHananiya kaShadiraki; noMishayeli kaMeshaki; no-Azariya, ku-Abhedinego.
Khona-ke inkosi uNebukadinesari yamangala, yasukuma ngokushesha, yathi kubaphathi bayo: “Asiphonsanga yini amadoda amathathu eboshwe izandla emlilweni na? Baphendula, bathi enkosini: Kuyiqiniso, nkosi!
Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi;
bacima amandla omlilo, baphunyuka obukhali benkemba, baqiniswa ebuthakathakeni, baba ngamaqhawe ekulweni, baxosha amabutho abezizwe.