Ubusisiwe uNkulunkulu oPhezukonke onikele izitha zakho esandleni sakho. Futhi wamnika okweshumi kwakho konke.
UDaniyeli 2:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 UDaniyeli waphendula wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu kuze kube phakade naphakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDaniyeli wathatha wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe; IsiZulu 2020 UDaniyeli wathatha, wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu, kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe; |
Ubusisiwe uNkulunkulu oPhezukonke onikele izitha zakho esandleni sakho. Futhi wamnika okweshumi kwakho konke.
Makabongwe uJehova owaphumuza abantu bakhe u-Israyeli njengakho konke akuthembisileyo; akwalahleka nelilodwa izwi kuzo zonke izithembiso zakhe ezinhle azikhulumayo ngesandla sikaMose inceku yakhe.
UDavida wasesithi kulo lonke ibandla: Khathesi dumisani uJehova uNkulunkulu wenu. Ibandla lonke lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhothama, bakhuleka kuJehova nasenkosini.
Ngemva kokubonisana nabantu, wabeka abahlabeleli enkazimulweni kaJehova ukuze badumise inkazimulo engcwele lapho bephuma phambi kwebutho, futhi bathi: “Dumisani uJehova! ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Khona-ke amaLevi, oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHasabhinja, noSherebja, noHodija, noSebanja, noPhetaja, bathi: “Sukumani nimdumise uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade naphakade, negama lakhe elitusekayo eliphakeme ngaphezu kwazo zonke izibusiso nodumo.
Dumisani uJehova. Dumisani, nina zinceku zikaJehova, dumisani igama likaJehova.
Kepha thina siyakumdumisa uJehova kusukela manje kuze kube phakade. Dumisani uJehova.
Makabongwe uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, futhi Amen.
Oletha udumo uyangidumisa; nakulowo oqondisa ukuhamba kwakhe, ngiyakumazisa insindiso kaNkulunkulu.
Umkhulu ngesiluleko, unamandla emsebenzini, ngokuba amehlo akho avulekile kuzo zonke izindlela zabantwana babantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.
Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.
Kuye olamandla okulilinda ekukhubekeni, lokulimisa phambi kwenkazimulo yakhe lingelasici ngentokozo enkulu;
bethi ngezwi elikhulu: “Lifanele iWundlu elahlatshwa ukwamukela amandla, nengcebo, nokuhlakanipha, namandla, nodumo, nenkazimulo, nokubusiswa.