Kwathi lapho ngizwa lawa mazwi, ngahlala phansi, ngakhala, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu;
UDaniyeli 10:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalezo zinsuku mina Daniyeli ngalilela amasonto amathathu agcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu apheleleyo. IsiZulu 2020 Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu agcwele. |
Kwathi lapho ngizwa lawa mazwi, ngahlala phansi, ngakhala, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu;
Ngizakuthi kuNkulunkulu, idwala lami: Ungikhohlweleni? ngiyakulilelani ngokucindezelwa kwesitha na?
Ngokuba wena unguNkulunkulu wamandla ami; ungilahlelani na? ngiyakulilelani ngokucindezelwa kwesitha na?
Thokozani kanye neJerusalema, nithokoze kanye nalo, nina nonke enilithandayo; jabulani kanye nalo, nonke abalilelayo.
O, ikhanda lami ngabe amanzi, namehlo ami abe ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhale imini nobusuku ngenxa yababuleweyo bendodakazi yabantu bakithi!
Yayisithi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ekuqondeni nasekukujeziseni phambi kukaNkulunkulu wakho, amazwi akho ezwiwa, mina ngizele amazwi akho.
UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangalila yini, umyeni enabo na? kodwa ziyakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo, khona-ke bezakuzila.
Yibani lusizi, nilile, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nokujabula kwenu kube ukudabuka.
Uma kukhona ofuna ukuwonakalisa, kuphuma umlilo emlonyeni wawo, uqede izitha zawo;